Amakhehla (feat. Vernotile)歌词由Sjava&Dumakahle&Anzo&Vernotile演唱,出自专辑《Isibuko (Explicit)》,下面是《Amakhehla (feat. Vernotile)》完整版歌词!
Amakhehla (feat. Vernotile)歌词完整版
Ngicela nitshele isitha sami
Ukuthi angihambi ngedwa
Ngihamba nabangabonwa
Abangabonwa abadala
Ngihamba noMkhulu wami iNjinga nasempini yaseNcome kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga
Ngihamba nomkhulu wami iNjinga nasempini yaseNcome kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga
Uke afike kimi nangephupho athi mzukulu ubosibheka isandla somuntu nami ngilele laphengilele khona ethuneni ngenxa yaso isandla somuntu banomona abantu
Ngihamba nomkhulu wami iNjinga nasempini yaseNcome kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga
Hambanobani mama
Wovika dlozi
Wovika phelea
Ungivikele ezitheni zami
Balwisana nempumelelo yami
Balwisana nempumelelo yami
Sonyakaza gogo
Wovika dlozi lami
Wovika phela
Ungivikele ezitheni zami
Balwisa nempumelelo yami
Balwisana nempumelelo yami
Ngithi ngicela nitshele isitha sami
Ukuthi angihambi ngedwa
Ngihamba nabangabonwa
Abangabonwa
Abadala
Maye ngiyak’zwela
Ngoba lamakhehla anodlame
Anodlame ngiyawazi
Maye ngiya’zwela
Ngoba lamakhehla anodlame ngiyawazi
Ubokhulum' ukhulum' ukhulum' ubuye ubal' amagamakho ukhumbule ukuthi Nami nginedlozi lami
Ubothi mawushwashwada nabangani bakho nihlel' ukuthi ningiqumbe phansi ubuye ukhumbule, nami nginedlozi and liyalwa
Uyozwa sekuthiwa nimbon' enje Isimo sesinje wafaka unyawo lakhe lapho elingafakwa khona manje ziyamnetha
Njoba nibona nje kunje impilo isinje akahlanyi ekhanda obabaMkhulu abamthwalisa umqhele ogcwele nje ameva
Yingakho ngithi Mina ngicela nitshele isitha sami